Canyon Coal

View Original

ISIGABA 4: UKUNCIPHISA INKAMPANI NOKUDILIZA

ISIGABA 4: UMTHETHO 46 (d) Uhlelo oluthinta ukwengamela ukunciphisa umsebenzi nokudiliza


I-Oakleaf izibophezele ukugcina zonke izidingo zomthetho mayelana nendlela ezodiliza ngayo kanti nakhu okulandelayo ezokwenza:

  • Ukuxoxisana kusanesikhathi nazo zonke izinhlaka ezizothinteka kulolu hlelo;

  • Wukwazisa uMnyango wokuMbiwa Phansi namandla kusanesikhathi ukuthi kungenzeka kudilizwe;

  • Ukuqhubeka ukuxoxisana ne-Future Forum ngohlelo lokudiliza nokuzokwenzeka ngenxa yakho;

  • Ukuveza yonke into obala kubo bonke abathintekayo nayo yonke imininingwane futhi kuvunyelwe zonke izinhlaka ukuthi zenze izethulo ngokuxoxiswana ngakho; futhi

  • Kwaziswe bonke abasebenzi ukuthi kungenzeka kudilizwe.

I-Oakleaf future forum yasungulwa ngo-2019, ihlangana njalo ngekota (sicela nibheka isengezo u- “annexure C” ukubona imigomo esebenzela phezu kwayo) izinjongo zayo ezifaka nokuthi:

  • Kugqugquzelwe ukuthi kuhlale kunezingxoxo phakathi kwabamele abasebenzi nomqashi mayelana nekusasa lemayini;

  • Kubhekwe izinkinga, izinselelo nezisombululo ezingasiza mayelana nomkhiqizo nokuqasha;

  • Ukusungula amaqhinga okuguqula izinto ukusiza ukunciphisa ukulahleka kwemisebenzi nokuphucula ibhizinisi;

  • Nokulandela amaqhinga okuvunyelwene ngawo ngumqashi nabasebenzi.

Imayini ayiboni kuzodilizwa ngesikhathi saloluHlelo lwenhlalakahle nemisebenzi, nokho-ke izoxoxisana nabayingxenye yeFuture Forum uma siba khona isidingo sokubhekana nesimo esinjalo. Izindlela zokunciphisa ukuthi kungazweli kakhulu kwinhlalakahle nasemnothweni wabantu, isifunda neminotho ethintekayo uma kudilizwa kuzohlale kuxoxiswana ngazo kwiFuture Forum futhi izokwengezwa ezinhlelweni zokuThuthukisa uMnotho waseNdaweni.

I-Oakleaf Investment ihlele futhi yengeza imisebenzi ewumongo webhizinisi layo ezivumelwaneni ezihambisana ne-MPRDA nokunye okuthintekayo:

Umthetho 46(d)(i): Ukusungula i-Future Forum

Umthetho 46(d)(ii): Izindlela zokugwema ukuphela kwemisebenzi

Umthetho 46(d)(iii): Izindlela zokunciphisa umphumela kwinhlalakahle nasemnothweni

Ukunciphisa umphumela kwinhlalakahle nasemnothweni kubantu imayini izothatha lezi zinyathelo ezilandelayo:

  • Izoyisa abantu kwezinye izindawo enkampanini, uma kungenzeka.

  • Uma kukhona abasebenzi ababoleka imali yokufunda, zizocishwa izikweletu.

  • Abasebenzi bazokhokhelwa yonke imali abakweletwa yona okufaka eyokudilizwa, eyezinsuku zekhefu nesesikhwameni sempesheni.

  • Ngesikhathi kuqhubeka lokhu, kukhona amakhono aphathekayo abasebenzi abazonikwa wona ukubalungiselela ukuncipha komsebenzi nokudilizwa.

Inkampani ikwazi ukuqeqeshana ngamakhono aphathekayo afana nokushisela, ugesi, ukusebenzisa ikhompiyutha nokunakekela izingane. Abantu abaqeqeshanayo yilabo abagunyaziwe ukukwenza lokho. Ikhono elitholwa ngoqeqeshwayo lingasebenza nakwenye imboni ngale kweyemayini futhi lizohlale likhona emphakathini imayini seyavala kudala. Umongo womsebenzi wenkampani wenza ukuthi abasebenzi bathole amakhono anhlobonhlobo azokwenza bakwazi ukusebenza nakwezinye izimboni, ngale nje kwezimayini noma bakwazi ukuziphilisa.

IThebula 13: Likhombisa abazothathelwa Amakhono Aphathekayo kusukela ngo-2022 kuya ngo-2026