ISIGABA 1: ISINGENISO NESENDLALELO

ISIGABA 1: ISINGENISO NESENDLALELO

ISIGABA 1: UMTHETHO 46 (a) ISENDLALELO NOMLANDO NGEMAYINI (ISETHULO NOLWAZI NGOMSUKA WEMAYINI YAMALAHLE)


I-Oakleaf Investment 95 (Pty) Ltd yinkampani yezimayini ezinze eNingizimu Afrika eyagunyazwa ngelungelo lokumba amalahle ngo-2017 ngokwe-Reference No. GP 30/5/1/2/2/122 MR. Lokhu kubuyekezwa kohlelo lwezenhlalo nomsebenzi, phecelezi i-Social and Labour Plan, efingqwa kuthiwe yi-SLP, (yango-2022-2026) yethulwa ngokubuyekezwa komthetho 46B we-Mineral and Petroleum Resources Development Act yango-2002 (iMPRDA), nohlelo Lwezenhlalo nomSebenzi olwafakwa kwiMenenja yesifunda, lwavunywa ngungqongqoshe lokunika inkampani igunya lokumba kufanele libuyekezwe njalo emva kweminyaka emihlanu kusukela lwavunywa.

I-SLP ichaza izinhlelo nezinjongo zemayini ngokuphucula amakhono abantu, phecelezi i-Human Resources Development, i-Local Economic Development nokulawula indaba yokudiliza abasebenzi i-Management of Downscaling and Retrenchments.

Izinjongo zomthetho i-Mineral and Petroleum Resources Development Act, Act 28 wango-2002 (“i-MPRDA”) njengoba ziqoshiwe kwisigaba 2(d), (f) no(i) we-MPRDA phakathi kwezinye ezingukuthi:

  • Ukwandisa amathuba ngendlela enqala nebonakalayo kubantu ababencishwe amathuba, okubalwa kubona abantu besifazane, ukuthi bangene ezimbonini zezinto ezimbiwayo nowoyela nokuthi bahlomule ngokusetshenziswa kwezinto zesizwe ezimbiwayo nowoyela;

  • Ukukhuthaza ukuqashwa kwabantu nokufukula inhlalakahle ngokwenhlalo nangokomnotho yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika;

  • Nokuqinisekisa ukuthi abantu abanamagunya okumba nokukhiqiza baneqhaza entuthukweni yenhlalo neyomnotho ezindaweni abasebenza kuzona.

Ngokuhlinzeka kwe-MPRDA, amagugu ambiwayo ayifa labo bonke abantu eNingizimu Afrika, yingakho uNgqongqoshe wokumbiwa phansi (“uNgqongqoshe”) kufanele aqinisekise ukuthuthukiswa njalo kwezinto ezingamagugu zaseNingizimu Afrika futhi akhuthaze nentuthuko yezomnotho neyenhlalo.

Intuthuko yomnotho neyenhlalo ibonakala eMqulwini weziMayini ngokwesigaba 100 se-MPRDA. UMqulu weziMayini ungumhlahlandlela, izinjongo nezikhathi zokungenisa ukungena kwabantu baseNingizimu Afrika ababencishwe amathuba (“ama-HDSA”) kule mboni nokwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bahlomule ekumbiweni nasekusebenziseni amagugu ambiwayo nemboni yezimayini. Izimiso nezinjongo ze-MPRDA noMqulu weziMayini kudingeka ukuthi kubhekwe oHlelweni lwezeNhlalo noMsebenzi njengokusho koMthetho 46B we-MPRDA

1.1. Indawo yoMsebenzi

Umsebenzi wemayini usezindaweni 1, 69, 75, 76 no-87 zepulazi i-Wachtenbietjeskop 506 JR 4 kuMasipala weNdawo iKungwini, eDolobheni elikuMasipala oMkhulu iTshwane, eSifundazweni iGauteng, eNingizimu Afrika.

Le ndawo yezimayini cishe isebangeni elingamakhilomitha angu-5.5 enyakatho-mpumalanga yedolobha i-Bronkhorstspruit. Izinkomba zendlela ngobuchwepheshe zithi le ndawo iku-25°46'39.54"S, 28°47'32.68" E.

Bheka uMfanekiso 1 weBalazwe Lendawo ngezansi.

 

Umfanekiso 1: Indawo iKhanye Colliery Ekuyona

 

1.2. UMLANDO

 
 

1.3. ISIBALO SABASEBENZI

I-Oakleaf Investment 95 (Pty) Ltd (Oakleaf) inabasebenzi abalinganiselwa ku-537 beKhanye Colliery (iKhanye). Kubantu abasebenzayo kukhona abasebenzi abaqashwe yizinkontileka nabahlinzeka umsebenzi okwesikhashana njengowokuthutha, owemayini nowokuqapha. Kuyolandelwa imigomo engezansi ukuqasha abantu kepha lokhu kuyoncika ezingxoxweni neziphathimandla nabamele umphakathi:

a) Isibalo esingu-87.5% esithathwe kuMasipala wendawo iKungwini (Indawo ephakela imayini);

b) Isibalo esingu-1.6% esithathwe esifundeni esiphakela imayini;

c) Isibalo esingu-10.9% esithathwe kwezinye izifunda zaseNingizimu Afrika.

 

IThebula 1: Izindawo eziphakela iKhanye Colliery ngabasebenzi kuze kubenguDisemba 2022

 
 

IThebula 2: Izitifiketi zokwazi umsebenzi ngokwemikhakha yezikhundla namakhono

 

Ukuphepha kwabasebenzi be-Oakleaf yinto eseqhulwini. Ukuqinisekisa injongo yokungaLimali kwaMuntu emsebenzini, umsebenzi omningi wemayini ugxile ekuqeqesheni ukulawula ubungozi bokuphepha enkampanini yonke jikelele.

Ikakhulukazi ukwenza lo msebenzi kuhlanganiswa izinhlelo ezinqala ukwenzelwa ukuqinisekisa le misebenzi engenhla nokwenza uHlelo lwakwaNdabazabantu lweKhanye.

ISIGABA 2: UHLELO LWAKWANDABAZABANTU

ISIGABA 2: UHLELO LWAKWANDABAZABANTU