ISIGABA 2: UHLELO LWAKWANDABAZABANTU

ISIGABA 2: UHLELO LWAKWANDABAZABANTU

ISIGABA 2: UMTHETHO 46 (B) WEZINHLELO ZAKWANDABAZABANTU


2.1. ISANDULELO

Lesi sigaba se-SLP sihlelwe ngokoMthetho 46 (b) obekwe ngezansi (uMthetho 46(b):

 
 

I-Oakleaf izibophezela ukutshala u-5% ngonyaka wezinhlelo zokuthuthukisa amakhono, kungabalwa inhlawulo ephoqelekile yamakhono, njengoba iklanywe eMqulwini weziMayini. EzakwaNdabazabantu zithathwa njengezinye zezinsika zoguquko okufanele zenziwe nguMqulu weziMayini.

UMqulu weziMayini uqhuba ubophezele bonke abalingani ukudala indawo evuma ukuthi kufukulwe abantu ababencishwe amathuba ngokubahlinzeka ngohlelo olunqala lokuthuthukisa amakhono olubhekene nokulungisa ukushoda kwamakhono omsebenzi wasezimayini ezweni. Ukwenza lokhu i-Oakleaf iyazibophezela ukwenza okungezansi:

  • Ukuxhumana ne-Mining Qualifications Authority (i-MQA) ekuhlanganisweni kwezinhlelo ezinqala zokuthuthukisa amakhono;

  • Ukuhambisana nayo yonke imithetho esetshenziswano neqondene nokuqeqesha;

  • Ukusungula nokuhlinzeka izinhlelo zemifundaze, ukuthwasisa nokuqeqeshela umsebenzi;

  • Ukuhlinzeka amathuba okuqeqesha amakhono kubasebenzi ngesikhathi sokuqashwa kwabo ukuze baphucule amathuba okuhola kangcono ngemva kokuvalwa kwemayini;

  • Ukuvula iminyango yezifundo zamakhono athinta ukusebenza ezimayini;

  • Ukunika umsebenzi ngamunye ithuba lokuthi akwazi ukubhala nokubala;

  • Ukuklama imikhakha yomsebenzi ukuhlinzeka abantu ababencishwe amathuba ukuthi bakhule emisebenzini abayikhethayo nokuthuthukisa izindlela abantu ababencishwe amathuba abangacijwa ngazo.

2.2. UMTHETHO 46 (B) (I) WOHLELO LOKUTHUTHUKISA AMAKHONO

2.2.1. Othuthukisa amakhono nezintela zamaKhono

I-Oakleaf isiqashe umuntu othuthukisa amakhono kanti iyinkampani ekhokha intela.

 
 

2.2.2. Umthetho 46(b)(i) (aa): IFomu Q yesibalo namazinga emfundo yabasebenzi yeKhanye ekhombisa inombolo namazinga emfundo abasebenzi

 
 

2.2.3. Ukukwazi ukuBhala nokuBala

Ukushoda kwamakhono okudlula izinyanga ezingu-12 enkampanini kulungiswa ezingeni lomnyango ngamunye. I-Oakleaf isibone futhi yagcwalisa zonke izikhala zomsebenzi okuthatha ngaphezu kwezinyanga eziyisithupha ukuzigcwalisa, ngakho azikho izikhala okuthatha ngaphezu kwezinyanga eziyisithupha ukuzigcwalisa. I-Oakleaf ihlale yenza futhi inezinhlelo zokuqeqesha ngamakhono uma kunesidingo kubasebenzi bayo nangokohlelo lomsebenzi wenkapani. Ngaphezu kwalokho inkampani iyohlinzeka lokhu okungezansi:

Ukukwazi ukufunda kuchazwa ngokuthi wukwazi ukufunda, ukubhala nokukhuluma ngokuqonda ezingeni elenza umuntu akwazi ukubamba iqhaza emphakathini nasemsebenzini. Inhloso yezinhlelo zokufundisa ukubhala nokubala emayini wukwenza ukuthi bonke abasebenzi abangenazo izicucu zika-Grade 12/n3 noma elilingana nalo bakwazi ukuqasheka eMayini ngokohlelo lomsebenzi.

2.2.3.1. I-Adult Education and Training (i-AET) (imfundo nokuqeqeshwa kwabantu abadala)

I-Adult Education and Training, okungukuthi imfundo nokuqeqeshwa kwabantu abadala, izoqhubeka nokuhlinzeka amalungu omphakathi wendawo afanele njengoba isidingo (imfundo encane) sincane esilindelekile kunguMatikuletsheni. Lokhu kuyokwenziwa ngokulinganayo nangokugcwele (kumaZinga 1 kuya ku-4 e-AET) nangokwetoho (iZinga elandulela i-AET kuya kwele-AET) kubasebenzi namalungu omphakathi.

Ukubekwa kwemigomo ye-AET ibekelwa umphakathi kuyokwenziwa ngokudingida nomasipala wendawo. Ngemva kwalokho, amalungu omphakathi ayokwazi ukuthola amanye amathuba entuthuko. NgokweFomu Q, sekugcwalisiwe ukuthi banazo izitifiketi zokufundela umsebenzi zeZinga 4 le-AET level 4.

 

IThebula 3: Izidingo ze-AET nezinga lokukwazi ukufunda

 

2.2.4. Izinhlelo Zokuqeqesha

I-Oakleaf ihlela ukuthuthukisa nokuqeqesha intsha emiphakathini esebenza kuyona ukuze ithole izitifieketi zomsebenzi namakhono afanele ukuze kwande izinga lokuqasheka kwayo. Kusetshenziswa abantu abaqeqeshayo abavunywe yi-MQA ukuze kutholakale izitifiketi zezinga le-MQA nokuqinisekisa izinga elifanele.

Le nkampani ikwazi ukuhlinzeka izifundo zokuqeqesha ezinjenge-Operator Mining Machinery, Mine Health and Safety Representative, Competent Person A noB ne-Gas testing Certificate.

 

IThebula 4: Isimo sokuqeqeshela amakhono ngokwezinombolo

 

2.2.5. Uhlelo Lokufundela Umsebenzi

Izinhlelo zokufundela umsebenzi ze-Oakleaf zenzelwe ukufundiswa abantu amakhono okuqala okukwazi ukwenza umsebenzi nokuthuthuka ngangamandla(ngamandla) ezinkontileka ezinqindanayo zokufundela umsebenzi okugcina kuholele ekutheni umuntu oqeqeshwayo akwazi ukuthola isitifiketi somsebenzi, imvamisa emazingeni aphansi. Ngaphezu kwalokho, izinhlelo zokufundela umsebenzi zenzelwe ukuhlomisa abantu ngamakhono obuholi nokuphatha abantu.

Isabelomali sabafundi abatholakala ngaphandle 18.2 (intsha engasebenzi) sisuselwa ku-5% obekelwe unyaka wezinhlelo zentuthuko, kungabalwa intela ephoqelekile, ebekwe wuMqulu weziMayini.

Ezindlekweni zohlelo kukhona ezokuhlwaya nokuqasha abantu, ezesikhungo sokuqeqesha (esigabeni sokuqala, esithuthukile nesokugcina e-Colliery Training College, indawo yokuhlala, ukuhamba, isibonelelo nezinye izidingo zomuntu ngamunye njengezinto zokusebenza (ibhokisi lamathuluzi nezimpahla zokuvikeleka emsebenzini ezihlinzekwayo. Isikhathi sokuqeqeshwa esivamile kulaba bafundi kuvame ukuthi kube yiziNyanga ezingu-18 kuya kwezingu-30.

I-Oakleaf ihlela ukuthuthukisa abantu abasha bendawo yemayini ukuze bakwazi ukungena emikhakheni yokuqeqeshelwa ubunjiniyela, imisebenzi yezimayini nasembonini.

2.2.5.1. Imigomo yokuFundela uMsebenzi

 

IThebula 5: Ngezansi wumfanekiso wabathathiwe nezabelomali zakhona zezinhlelo zokuqeqeshela umsebenzi. 18.2

 

Inqubo yakwaNdabazabantu yase-Oakleaf neyokuqinisekisa izinga lomsebenzi iyolandelwa ukukhetha abantu abafanele ukubhalisela izifundo zobunjiniyela nezezimayini zezinhlelo zokuqeqeshwa nokufundela umsebenzi emsebenzini.

2.3. UMTHETHO 46(B)(II) (BB): IZIKHALA OKUNZIMA UKUZIGCWALISA

Izikhala zomsebenzi okuphela ngaphezu kwezinyanga ezingu-12 zingagcwalisiwe zibhekwa ezingeni loMnyango. I-Oakleaf ayikwazi ukubika ngezikhala zomsebenzi okunzima ukuzigcwalisa kuze kuqale umsebenzi.

I-Oakleaf isiwabonile amakhono amaningi emisebenzi yobungcweti nefundelwe enqabile, okuholele kumfanekiso weFOMU R engezansi.

 
 

2.4. UMTHETHO 46(B)(II): UKUHLELELA UKUKHUPHUKA EMSEBENZINI

2.4.1. Isingeniso

Kunemikhakha yomsebenzi ehlukene kanti ikhona kubo bonke abantu abasebenzayo abakuluwo mkhakha. Lilonke lemikhakha yomsebenzi isho ukulandelana kwezikhala emkhakheni othile kuhambisana nezidingo zesikhundla ngasinye. Nokho kufanele kuqashelwe ukuthi isikhathi okuthatha umuntu ukusuka komunye umkhakha aye komunye kuthintwa yizinto eziningi (njengezitifiketi, amava, uhlelo lonke lomsebenzi womuntu njalonjalo, ngakho ngeke kufaniswe sengathi imikhakha yomsebenzi iyafana.

2.4.2. Indlela yokusebenza koHlelo loMsebenzi

I-Oakleaf iyoqinisekisa ukuthi abasebenzi bawo wonke amazinga omsebenzi bayokwenza inhlolokhono futhi babenezinhlelo zokuthuthuka eziyobuyekezwa minyaka yonke futhi bayoqhubeka nezinhlelo zokhula emsebenzini (ezifaka abasebenzi, ikakhulukazi abantu ababencishwe amathuba).

Ngezansi yizinhlelo zokukhuphuka emsebenzini ezijwayelekile zeKhanye.

2.4.3. Izinhlelo zomsebenzi ezijwayelekile eKhanye

Izibonelo zemisebenzi ejwayelekile zichazwa ngezansi:

  • Ubunjiniyela / Ukusebenza amalahle;

  • Ukumba

 

Umfanekiso 2: Ubunjiniyela / Uhlelo Lomsebenzi Wokusebenza Amalahle

 
 

Umfanekiso 3: UHlelo loMsebenzi waseMayini

 

2.5. UMTHETHO 46(I)(IV): UHLELO LOMFUNDAZE NOKUQASHA AMATHWASA

2.5.1. Iqhinga

Ukushoda kwamakhono adingekayo ngenye yezinselelo ezivimba abantu ababencishwe amathuba eNingizimu Afrika ukuthi bangene embonini yezimayini.

Ngenxa yomsebenzi owenziwa yimayini namakhono adingakayo, i-Oakleaf Investment izibophezela ukuhlinzeka ngemifundaze nokuqasha amathwasa emiphakathini yezimayini nasezindaweni esisebenza kuzona. Imifundaze izonikezwa izitshudeni ezifunda ngokugcwele eziKhungweni zeMfundo ePhakeme eNingizimu Afrika. Imifundaze izovulelwa bonke abafundi abenza u-Grade 12 nezitshudeni esezivele zifunda kanti kuzogxilwa kakhulu kweezingaBantu ababeNcishwe amaThuba.

2.5.2. Uhlelo loMfundaze

Imifundaze eyezitshudeni ezifunda ngokugcwele emaNyuvesi nasemaNyuvesi obuChwepheshe eNingizimu Afrika abenza ezinye zalezi zifundo ezilandelayo:

  • I-BSc Electrical Engineering;

  • I-BSc Mechanical Engineering;

  • I-BSc Mine Survey;

  • I-BSc Geology;

  • I-BSc Analytical Chemistry;

  • EzakwaNdabazabantu;

  • EzeziMali;

  • I-Environmental Management.

Cishe yonke imifundaze enikezwa abantu ababencishwe amathuba ifaka abantu besifazane nabantu abaphila nokukhubazeka kuleyo miphakathi umsebenzi owenziwa kuyo nekhishwa ngaphakathi enikezwa abasebenzi be-Oakleaf.

Imifundaze ifaka imali yokubhalisa neyokukhokhela izifundo, eyendawo yokuhlala, eyezincwadi neyokuziphilisa. Abahlomulayo ngemifundaze balindeleke ukuthi basebenze ngamaholidi futhi baqeqeshwe emayini uma sebephothule izifundo zabo ukuze babe yingxenye yohlelo olwenzelwe ukubalungiselela umsebenzi wokuqala abazowenza. Ukuqeqeshwa kwabo kuncike ekutheni zisuke zikhona yini izikhala enkampanini.

Ukubaluleka kwalolu hlelo wukweseka:

  • Izinjongo zeKhanye zokuvula amathuba emisebenzi alinganayo kuzo zonke izinhlanga

  • Imiphakathi imayini esebenzela kuyo ngokugcizelela ukuqasha abanikwa imifundaze nokubacathulisa ngezinhlobo zemisebenzi kulezi zindawo.

  • Abafaka izicelo zomfundaze bazohlungwa ngemiphumela ka-Grade 12 nanomholo wekhaya abaqhamuka kulo. Le mifundaze izonikezwa abafundi abaphase ngamalengiso futhi abazimisele ukwenza ezinye zeziqu ezibalwe ngenhla. Izoqala ukutholakala uma sekuphele unyaka wokuqala emva kokuthi i-Oakleaf ithole ilayisensi yokuba nemayini.

Kubhekwe ukuthi abathole imifundaze bayobe sebeqedile iziqu zokuqala ngesikhathi okulindeleke ukuthi imayini iyeke ngaso ukusebenza. Kodwa-ke lokho kuzoncika nasekutheni baphasa kanjani.

Abangaphakathi bazodinga ukuthi babebevele beneziqu noma kube wukuthi babephase uMatikuletsheni ngamalengiso ukuthola umfundaze. Leminyaka emine izosetshenziselwa ukuphothula iziqu ezilandela ezokuqala, uma bekwazi ukuzicelela kuzwakale, bangaqashwa nanjengamathwasa. Uma othole umfundaze efeyila, uzophucwa wona.

Emva kokuphothula izifundo, abathole umfundaze bazoqashwa njengamathwasa noma banikwe amanye amathuba emisebenzi kwezinye zezindawo i-Oakleaf Investment esebenzela kuzona noma kwenye yezinkampani ezisebenzisana nayo, uma sikhona isikhala. Ukuqashwa njengethwasa kuzonika ababethole umfundaze amava omsebenzi, uma ithuba livela.

 

IThebula 7: Imigomo yemiFundaze yeKhanye Colliery (ngo-2022 kuy ngo-2026)

 
 

IThebula likhombisa imigomo yemifundaze yangaphakathi (ngo-2022 kuya ngo-2026)

 

2.5.3. Imisebenzi yamathwasa

Imisebenzi yamathwasa e-Oakleaf isemikhakheni ehlukene ngenhloso yokuthuthukisa nokuqeqesha amakhono obungcweti. Imisebenzi yamathwasa ikhona kule mikhakha elandelayo:

  • Eyezimayini (Abaneziqu nama-Diploma);

  • Imisebenzi yobunjiniyela neyobungcweti (Abaneziqu nama-Diploma);

  • I-Environmental Management Studies;

  • I-Geology.

I-Oakleaf izohlinzeka imali yokuqeqesha nokuthuthukisa asebephasile emanyuvesi namathwasa. Uhlelo lwamathwasa luyingqayizivele yethuba kwasebephothule iziqu nalabo abasanda kuqala ukusebenza lokubona ukuthi kunjani emsebenzini nanobucayi bemboni yezimayini nokufunda kubantu abanamava futhi abahlonishwayo embonini yabo.

Lolu hlelo lunika abakulona ithuba lokubona izinto ezihlukene ezenziwa emsebenzini nalokho okwenziwa yizinkontileka esisebenza nazo nabanye ongoti eminyangweni ehlukene e-Oakleaf Investment.

 

IThebula 8: Imigomo Yamathwasa yeKhanye (ngo-2022 kuya ngo-2026)

 

2.6. UMBIKO OFINGQIWE NGEMALI ESETSHENZISIWE UKUTHUTHUKISA ABASEBENZI

Umbiko oFingqiwe ngemali esetshenzisiwe ukuthuthukisa abasebenzi eKhanye.

 

IThebula 9: Isabelo sakwaNdabazabantu

 

2.7. UMTHETHO 46(B)(V): AMATHUBA OKUQASHA ALINGANAYO

Ukuba nabantu abaxubile kuwo wonke amazinga emsebenzini kugqugquzela ukubambisana, uguquko nokuncintisana embonini yezimayini. Ukuqikelela ukuthi indawo okusetshenzwa kuyo ixubile futhi ababencishwe amathuba phambilini babamba iqhaza uma kuthathwa izinqumo yonke indawo emayini, yonke imayini kufanele ibe isiqoke okungenani abantu abangu-40% kwababencishwe amathuba kulezi zindawo ezilandelayo:

  • Izinga leZikhulu eZiphezulu (iBhodi) ngo-2026

  • Izinga labaphathi abakhulu (Isigungu) ngo-2026

  • Amakhono amqoka ngo-2026

  • Izinga lezimenenja eziphakathi nendawo ngo-2026

  • Izinga lezimenenja ezisezansi ngo-2026

I-Oakleaf iyazibophezela ukuthi izoqhubeka nokubheka futhi nokukhulisa labo abakhona ukuqinisekisa ukuthi bafunda ngokuphathwa komsebenzi. Ngaphezu kwalokhu kuzibophezela wukuthi kugxilwe nasekwandiseni abesifazane emisebenzini ewumongo wezimayini.

Ngakho-ke i-Oakleaf izibophezele ekuqasheni ngendlela engacwasi futhi eyeseka imigomo yokuqasha, ukuthuthukisa nokukhulisa labo ababencishwe amathuba. Lokhu kwenzelwa bonke abasebenzi abawumsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika noma asebenobuzwe.

I-Oakleaf izimisele ukuthi kube nesibalo esilinganayo sazo zonke izinhlanga kuwona wonke amazinga emsebenzini kodwa futhi ibe iseka inqubo yenkampani, ukunika wonke umuntu ithuba nanobulungisa ngo-2026. Ngokuhambisana nemigomo yokuqasha enobulungisa futhi efanele, i-Oakleaf izibophezele ekuwugcineni ngokuphelele umthetho nezidingo zeMPRDA (uMthetho 28 owashaywa ngo-2002) ne-Employment Equity Act (uMthetho 55 owashaywa ngo-1998).

Uhlelo lokuqasha ngendlela elinganayo luzophasiswa ngabaphathi abakhulu nobuholi bezinyunyane ngoba kumqoka ukuthi bonke abasebenzi babambe iqhaza, bazibophezele futhi bazinikele kulolu hlelo.

Esihlose ukukuzuza ngokunika bonke amathuba kuyachazwa ngezansi.

 

IThebula 10: I-Employment Equity yeKhanye Colliery Isibalo samakhanda (ngalinye): Abasebenzi abaqashe ngokugcwele kusukela ngo-20221130

 

2.7.1. Ukubika ngoHlelo lokuQashagokuLingana

I-Oakleaf izokugcina konke okubekwe yi-Employment Equity Act (uMthetho 55 owashaywa ngo-1998) futhi izohambisa umbiko wonyaka kumqondisi-Jikelele njengokusho kweSigaba 21 somthetho.

Imisebenzi ehlongozwayo

Uhlelo lokuqasha ngokuLingana luzoshicilelwa minyaka yonke kanti umsebenzi okhathulwayo ngezibophezelo ezifezwayo uzobikwa emnyangweni wokumbiwa phansi namandla nasemnyangweni wabasebenzi. Abasebenzi bazokwaziswa ngezindlela zokuxhumana zangaphakathi ngendlela umsebenzi oqhubeka ngayo mayelana nohlelo lokuqasha ngokuLingana lwemayini. Wonke umsebenzi uzokwaziswa ngalolu hlelo futhi uzonikezwa lona.

Okufanele kufezwe kususelwe eMqulwini weZimayini, kusetshenziswa izinhlelo zokuthuthukisa umuntu ngamunye ukulungiselela abazothatha ezikhundleni uma kukhona abaphumayo. Umgomo wokuqasha uhlelwe ngendlela yokuthi ibhalanse indlela okuqashwa ngayo, ngakho-ke abantu bazoqashwa ngokohambisana nezinjongo zalokho.

2.7.2. Ukuqashwa kwabantu baseNingizimu Afrika ababencishwe amathuba

I-Oakleaf izozibophezela ekuqinisekiseni ukuthi okungenani u-50% wabaphathi bayo ngabantu ababencishwe amathuba phambilini esikhathini esiyiminyaka eyisihlanu iqalile ukusebenza imayini. Njengoba lena kuyimayini entsha, ababencishwe amathuba bazoqashwa zisuka nje futhi indlela okuzoqashwa ngayo izophokophela ukuthi ukuba nesibalo esanele, into ezophuthunyiswa lena. I-Oakleaf iyavuma ukuthi sikhona isidingo sokulungisa indaba yokuthi kukhona ababencishwe amathuba embonini yokumbiwa phansi nasezimayini ikakhulukazi uma emazingeni amakhono abucayi nawokuphatha. Kuzofinyelelwa esibalweni esidingakalayo ngokulandela uHlelo lokuQasha ngokuLingana kanjalo nangokubheka nokubika eMnyangweni wokuMbiwa Phansi namaNdla. Nazi izinto ezizokwenziwa yimayini ukugqugquzela ukuthi ababencishwe amathuba babe yingxenye yabaphathi:

  • Umgomo womsebenzi ohlelelwe ukuqasha abasebenzi abahambisana nezinjongo zokuqasha ngendlela elinganayo; nokuthi

  • Uma amakhono edingakalayo engatholakali njengokuhambisana nezinhlelo zale migomo, lezo zikhala ziyothathwa njengezilikhuni ukuzigcwalisa bese kuyalungiswa ngendlela efanele.

Indlela osekushintshe ngayo ukuqashwa kwababencishwe amathuba ezikhundleni zokuphatha eKhanye Colliery kusukela ngoDisemba wango-2021

 
 

2.7.3. Iqhaza labesifazane

I-Oakleaf ihlose ukunika abantu besifazane ithuba lokuthi basebenze kuwo wonke amazinga enkampanini. Lesi sibalo esinguu-10% wabantu besifazane sizofinyelela kusona ngokulandela uhlelo lokuqasha ngokulingana nangokugada nokubika emnyangweni wokumbiwa phansi namandla.

Umgomo wokuqasha obalulwe ngenhla uzokwethulwa eKhanye ukusiza ukufinyelela esibalweni esifanele sabesifazane. Bazofunwa abantu besifazane ngesikhathi kuqashwa, ngakho i-Oakleaf Investment izimisele ukufinyelela kulesi sibalo eminyakeni eyisihlanu.

 

IThebula 11: Isibalo sabesifazane emayini iKhanye Colliery ngokwezibalo zangoZibandlela ngo-2021

 
ISIGABA 1: ISINGENISO NESENDLALELO

ISIGABA 1: ISINGENISO NESENDLALELO

ISIGABA 3: UKUTHUTHUKISA UMNOTHO WEZINDAWO ZASEKHAYA

ISIGABA 3: UKUTHUTHUKISA UMNOTHO WEZINDAWO ZASEKHAYA