ISIGABA 5:  UKUHLINZEKA NGEMALI

ISIGABA 5: UKUHLINZEKA NGEMALI

ISIGABA 5: UMTHETHO 46(E) (I), (II) AND (III): UKUHLINZEKA IMALI YOKWENZA IQHINGA LENHLALAKAHLE NEMISEBENZI


ISIGABA 5: UMTHETHO 46(E) (I), (II) AND (III): UKUHLINZEKA IMALI YOKWENZA IQHINGA LENHLALAKAHLE NEMISEBENZI

NgokweSigaba 23(1) (e) “UNgqongqoshe kufanele anike ofake isicelo ilayisensi yokuba nemayini inqobo nje uma eseyihlinzekile imali yokubhekelela uhlelo lwenhlalakahle nemisebenzi nanokunye okudingekayo.” Lesi sigaba sizonaba ngokuthi i-Oakleaf Investment izoyikhokhela kanjani ingxenye nengxenye yaleli cebo ngesikhathi isebenza imayini. Nokho, kufanele kwaziwe ukuthi lezi zinto zisuselwa ezinhlelweni zebhizinisi ezihambisana nesimo somnotho esikhona ngalesi sikhathi nesithinta umsebenzi wemayini.

I-Oakleaf Investment iyathembisa ukuthi kwisabelomali sayo minyaka yonke izohlinzekela lezi zidingo ezilandelayo:

  • Uhlelo lokuthuthukisa ezithinta abasebenzi kuphakanyiswa ukuthi imali elingana no-5% wemiholo izohlinzekelwa lokhu;

  • Eyohlelo lokuthuthukisa umnotho wendawo

  • Nanokubhekelela ukudiliza abasebenzi kwisabelomali saminyaka yonke uma kwenzeka kufika lapho njengokusho koMthetho owengamele abasebenzi noma ngokwezivumelwane zokudiliza okufinyelelwe kuzo nezinyunyana.

 

IThebula 14: Imali esizibophezele kuyo ngokwesigaba 23 (1) (e) no-84 (1) (g)

 

Izindleko zokudiliza nokunciphisa umsebenzi zomsebenzi ngamunye ngezansi kuthi ngaphezulu yimali ehlinzekwe yizimenjena kwiThebula 15 njengokusho kwesivumelwano sesine sizobalwa kusetshenziswa le ndlela elandelayo njengokusho komthetho wezimo zokusebenza:

  • Onosuku kuya ezinyangeni eziyisithupha eqashiwe, uzokwaziswa sekusele isonto;

  • Onezinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-12 eqashiwe, uzokwaziswa kusele amasonto amabili;

  • Ononyaka nangaphezulu, uzokwaziswa kusasele amasonto amane; futhi

  • Umuntu ukhokhelwa umholo wesonto wawo ngayo yonke iminyaka ayisebenzile njengemali yokudilizwa

ISIGABA 4: UKUNCIPHISA INKAMPANI NOKUDILIZA

ISIGABA 4: UKUNCIPHISA INKAMPANI NOKUDILIZA

ISIGABA 6: ISIFUNGO

ISIGABA 6: ISIFUNGO